loMthetho kumbandakanywa nomthethonkambiso.
a khuthaza ulwazi nokuqondwa kwezindaba zobuAfrika ngokusebenzisa ososayensi bezenhlalakahle abadumile ngokuvumelana nabo bonke abalandela lezindaba kanye nangoqeqesho nemfundo ngezindaba zobuAfrika; kanye b nokuqoqa, ukuqhuba kanye nokusabalalisa ulwazi mayelana nezindaba zobuAfrika, ukunikeza izaluleko ezifanele nokuthatha izinyathelo ezifanele mayelana nezidingo zawo wonke umuntu, amathuba kanye nezinselelo ababhekene nazo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
kusungulwa uMkhandlu okufanele ulawule, uphathe futhi uqondise izindaba ze Sikhungo.
c Amalunga angeqile kwamabili asekelwe wuMkhandlu ngokubonisana noNgqongqoshe; kanye d Nesikhulu esiphezulu somkhandlu CEO, esiyakuba yilunga lomkhandlu ngokwesikhundla, singeke sibe nawo amandla okuvota.
Ekubunjweni koMkhandlu kufanele kube nokumelwa okufanele kobulili, ulimi, kanye nokwahlukana kwemiphakathi yaseRiphablikhi.
Ilunga lomkhandlu okukhulunywa ngalo kusigatshana 2 kufanele liqokwe ngokuhambisana nemigomo yokungabinamfihlo nokumelelwa.
Okungenani elilodwa lamalunga aqokwe nguMkhandlu kufanele libe nolwazi lomsebenzi wokuphathwa kwezimali.
a Liqokelwe ukuba lisebenze noma libe yilunga iminyaka emithathu, ngaphandle uma kunqunywe isikhathi esifishane kunalokhu; futhi b Ilunga eseliphelelwe isikhathi lingabuye liqokwe futhi.
Uma ngabe ilunga loMkhandlu lifa, noma lishiya isikhundla ngaphambi kokuphela kwesikhathi ebeliqokelwe sona, kungaqokwa elinye ilunga ukuba lithathe leso sikhundla okwaleso sikhathi esisele esishiywe yilelilunga ebeliqokiwe.
Ilunga loMkhandlu elingaqashiwe ngokugcwele nguMbuso lingaholelwa imali nguMkhandlu, mayelana nomsebenzi eliwenzayo njengelunga, lezo mali ziyonqunywa nguNgqongqoshe ngemva kokuvumelana noNgqongqoshe weZimali.
Akukho lunga lomkhandlu elingaba nesikhundla eqenjini lezombusazwe noma inhlangano yezoMbusazwe.
a owawa ngokwezimali ongakasimamiswa ngokomthetho.
b osake walahlwa yicala lapha eRiphablikhi, ngaphandle kwamacala enziwe ngaphambi komhlaka 27 April 1994 ahambisana nezinhloso zepolitiki futhi owagwetshwa ukuhlala ejele ngaphandle kokukhokha inhlawulo, noma uma kwakuyicala lokukhwabanisa, uma wagwetshwa ukuhlawula ngemali noma ukuhlala ejele noma kokubili; noma cngaphandle uma eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma enemvume yokuhlala okokuphela eRiphublikhi.
c eseliphuthe emhlanganweni yomkhandlu emibili noma ngaphezulu ilandelana, ngale kokuthola imvume yoMkhandlu.
e libhale incwadi yokushiya isikhundla wayibhekisa kuNgqongqoshe.
Ukuze ufeze izidingo zeSikhungo, uMkhandlu unga...
f ube noma uthole noma imaphi amalungelo namagunya owabona efanele noma edingeka.
k uqashe, unqume iholo noma uxoshe abasebenzi beSikhungo; futhi l Wenze noma yini engaholela ekufezekiseni izinjongo, futhi kufanele ngezikhathi ezithile ubukeze isakhiwo, inhlangano kanye nezinhlelo zeSikhungo.
d wenze noma imuphi umsebenzi owuthunywe nguNgqongqoshe ukuba uwenze; futhi e wenze uphenyo noma ucwaningo mayelana nezinnjongo zoMkhandlu uma uthunywa nguNgqongqoshe.
UMkhandlu angeke wona ngokwayo usungule, uthole noma usebenzise inhlangano noma isikhungo esixhumene nezindaba zobuAfrika, kodwa ungaqala noma uqambe izinhlelo ozibona zidingeka ukuze kuqhutshwe izinjongo zeSikhungo: Iqobo nje uma lezo zinhlelo zenziwa ngokubambisana nezinhlangano esezikhona noma izikhungo ezinamandla okuthwala lezo nhlelo.
Ukuze ufeze izinjongo zeSikhungo, uMkhandlu unganikeza usizo olunganqunywa, kunoma isiphi isakhamuzi saseNingizimu Afrika esikwelinye izwe ngaphandle kweRiphablikhi.
Umkhandlu kufanele uhlangane noma ubambe imihlangano okungenani kathathu ngonyaka kanti imihlangano iyobanjelwa endaweni nangesikhathi esiyomiswa ngusihlalo ngokubhalela amanye amalunga izaziso.
uSihlalo angabiza umhlangano woMkhandlu oyisimpesheli noma inini, okufanele ubanjelwe endaweni nangesikhathi esiyonqunywa ngusihlalo.
Isibalo sabakhona emhlanganweni abangaqhubeka nomhlangano bathathe izinqumo kuyakuba ngamalunga amaningi oMkhandlu.
Noma iziphi izinqumo zomkhandlu ziyothathwa ngokwesekelwa iningi lamalunga oMkhandlu akhona emhlanganweni woMkhandlu kanti uma kwenzeka kuba namavoti alinganayo mayelana nondaba oluthile, umuntu okunguyena ophethe umhlangano uyakuba nevoti elingumnqamula juqu ngaphezu kwevoti lakhe njengelunga loMkhandlu.
Ilunga lomkhandlu lingeze lavota noma lizimbandakanye nokuqhutshwa komhlangano womkhandlu noma libe khona endaweni lapho kubanjwe khona umhlangano uma ngabe linokuthinteka ondabeni oluphambi noma oludingidwa nguMkhandlu okulemenza lingakwazi ukwenza umsebenzi walo njengelunga loMkhandlu ngobuqotho, nokungenzeleli nangendlela eyiyo.
b Iphini likaSihlalo; kanye c Namanye amalunga omkhandlu, angevile kwamahlanu, ngokunquma koMkhandlu.
Ikomiti eliphethe elisingulwe ngaphansi kwesigatshana 1 kufanele lenze umsebenzi odluliselwe kulo nguMkhandlu.
USihlalo woMkhandlu kufanele abe ngusihlalo wekomiti eliphethe.
IKomiti eliphethe kufanele lihlangane ngezikhathi nasezindaweni eziyonqunywa ngusihlalo walelo komiti futhi isibalo sabantu abanele abangathatha izinqumo kuyakuba iningi lamalunga ekomiti eliphethe.
uMkhandlu ungasungula ikomiti elilodwa noma amaningi, ongadlulisela kuwo amandla noma umsebenzi othile obunikwe noma uthwese uMkhandlu yiloMthetho.
Ikomiti okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 liyokwakhiwa ngamalunga athile oMkhandlu kanye nabasebenzi boMkhandlu, uma bekhona, uMkhandlu oyobona befanele, futhi uMkhandlu ungachitha noma usungule kabusha noma iliphi ikomiti noma ingasiphi isikhathi uma ubona kufanele.
Uma ngabe ikomiti linamalunga oMkhandlu angaphezu kwelunga elilodwa, uMkhandlu kufanele uqoke lelo lunga ukuba libe ngusihlalo walelo komiti.
Umkhandlu awethuliwe isibopho sokwenza noma imuphi umsebenzi onikezelwe kunoma iliphi ikomiti lomkhandlu ngokwalesi sigaba.
Lokho kwedluliswa kwamandla noma ukuthunywa kufanele kuthunyelwe ngokubhaliwe kulowo ongumthuhywa.
uMkhandlu ungasungula ithimba labeluleki kunoma iyiphi indima yesayensi yezenhlalakahle uma ubona lokhu kufanele.
Noma iliphi ithimba lokwaluleka kufanele libe nabantu abangevile kwabahlanu abaphumelele ngamalengiso noma abanolwazi oliyisimpesheli noma ulwazi lomsebenzi endimeni yezindaba zobuAfrika okukhulunywa ngalo, futhi abangesiwo amalunga oMkhandlu.
Noma iliphi ithimba lokwaluleka kufanele laluleke uMkhandlu noma ingaluphi undaba olumayelana nezindaba zobuAfrika elasungulelwa lona.
Ilunga lethimba lokwaluleleka kufanele liqokwe phansi kwemibandela, kubalwa nemibandela yeholo, yokwethamela imihlangano kanye nosizo olunikeziwe, okunganqunywa nguNgqongqoshe ngokuvumelana noNgqongoqshe weziMali.
UMkhandlu ungasula noma uphelise ubulunga belunga lethimba lokwaluleka banoma iliphi ilunga noma inini uma nje kukhona izizathu ezanele zokwenza lokho.
Amalunga ethimba lokwaluleka angeke athola ukuxhaswa ngemali nguMkhandlu ngaleso sikhathi ephethe lezi zikhundla.
Umkhandlu kufanele kuthi emva kokubonisana noNgqongqoshe, uqoke iSiKhulu eSiPhezulu eSiPhethe soMkhandlu.
Lesi Sikhulu eSiphezulu seiphethe kuyakuba umthwalo waso ukulawula noma ukusingatha izindaba zoMkhandlu futhi kufanele sibike kuloMkhandlu ngalezi zindaba ngokuyala koMkhandlu.
ISikhulu eSiphezulu kufanele siqokwe ukuba siphathe lesi sikhundla iminyaka engeqile kwemihlanu nangaphansi kwemibandela, okubalwa kuyo nemibandela ephathelene nokuholelwa kanye nezimali zokubonelelwa, ngokubona koMkhandlu, ngokuhambisana nesigaba 14 1 b, futhi singabuye siqokwe ukuba siphathe esinye isikhathi esilinganayo nesokuqala uma isikhathi saso sokuqala sesiphelile.
Uma ngabe Isikhulu eSiphezulu singekho ngesizathu esithile noma sehluleka ukwenza umsebenzi waso noma uma kukhona isikhala ehhovisini leSikhulu eSiphezulu, uMkhandlu ungaqoka umsebenzi woMkhandlu ukuba abambe isikhundla seSikhulu eSiphezulu ngesikhathi singekho noma singenakwazi ukwenza umsebenzi waso kuze kufike isikhathi lapho iSikhulu eSiphezulu siqokwa ngokuyala kwesigaba 1, ngaphansi kwemibandela kanye neholo nezimali zokubonelela ezinganqunywa uMkhandlu, ngesikhathi ebambile lomsebenzi uyakuba namandla okwenza wonke umsebenzi weSikhulu esiPhezulu.
Ngaphezu kweminye imisebenzi esethweswe yona isiKhulu esiPhezulu yiloMthetho noma ngaphansi kwaloMthetho siyakuba futhi isikhulu esinguMcwaningimabhuku othweswe umthwalo wokuqapha izimali ezitholakele nokusentshenziswa kwazo futhi uyakuba nomthwalo wokuqapha impahla yoMkhandlu.
Ukwedluliswa kwamandla ngaphansi kwesigatshana a akuvimbeli ukusentshenziswa kwalawomandla noma ukwenza lowo msebenzi yisikhulu esingumcwaningimabhuku futhi akuwususi noma kwethule emahlombe umthwalo wokwenza lokho okuwumthwalo noma okusemahlombe esikhulu esingumcwaningimabhuku.
a ungaqasha abasebenzi ngaphansi kwemibandela ethile uma ubona kudingekile ukuze uMkhandlu ukwazi ukwenza umsebenzi wawo, ngokuhambisana nokushiwo isigatshana b, b kufanele ngezimali zawo ukhokhe imiholo, izimfanelo nemixhaso kanye nezinye nje izinsizakalo ezinganqunywa uMkhandlu ngokulandela inqubo evunyelwe nguNgqongqoshe ukuze zisentshenziselwe leyonhloso ngokuvumelana noNgqongqoshe weziMali ;.
c kungathi uma ubona kufanele emva kokuvumelana nomsebenzi udlulise noma wesekele umsebenzi ukuba ayokwenza umsebenzi othile noma isikhathi esithile eMnyangweni kaHulumeni, inhlangano noma isikhungo esiseRiphablikhi ngaphansi kwemibandela efana nokuthi amalungelo kanye nezimfanelo zalowo msebenzi ngeke kuthikamezeke ngokwesekelwa kwakhe.
b boleka umsebenzi imali engasiza lowo msebenzi ukuba akwazi ukuba yilunga noma angenele isikhwama sempesheni esinconywe NguMkhandlu noma ake athi ukuma ukusebenza ngokuvunyelwa athole ilivu engakhokhelwa ethathwa njengosizo lwempesheni.
d inzalo ezimalini ezilondoloziwe; kanye e nezimali ezitholakale ngaphansi kwaloMthetho noma yingamuphi umthombo.
UMkhandlu kufanele usebenzise...
a Noma iyiphi imali okukhulunywa ngayo esigabeni 1 ngenhla ngokuhambisana nesitatimende sezimali ezingenayo neziphumayo okukhulunywa ngaso kusigatshana 3, njengoba kuvunywe uNgqongqoshe: Kuphela nje, ngokuhambisana nesigatshana 1 a, uMkhandlu ungasebenzisa isamba semali noma ingxenye yaleso samba semali usisebenzisela isizathu esithile noma enye inhloso mayelana nondaba oluthile elubaluliwe; Iqobo nje futhi ukuthi uMkhandlu, ngokuvunyelwa uNgqongqoshe, ungasebenzisa noma iyiphi imali esele yoMkhandlu eyinsalela ekupheleni konyaka uyisebenzisela noma iziphi izindleko zoMkhandlu ezimayelana nokwenza umsebenzi woMkhandlu; futhi b Noma iyiphi iminikelo noma imixhaso okhulunywa ngayo kusigatshana 1 c ngaphansi kwemibandela, uma ikhona, enqunywe yilowo onikele ngemali noma lowo ophise ngomxhaso.
a Kulowo nalowo nyaka wezimali, nangesikhathi esinqunywe nguNgqongqoshe, uthumele isitatimende semali engenayo nephumayo esilinganisiwe sonyaka olandelayo, futhi kungathi ekuqhubekeni konyaka wezimali uMkhandlu uthumele esinye isitatimende esicibiyela leso esilinganisiwe esithunyelwe kuNgqongqoshe ukuze sivunyelwe, lokho kuvunyelwa okufanele kuvunyelwane ngakho noNgqongqoshe weziMali; futhi b ungangeni ezindlekweni ezingaphezu kwesamba semali esivunywe ngaphansi kwesigaba a.
b ungalondoloza noma ingxenye yezimali ezingasentshenziswanga no Kopeletsheni wokulondoloza izimali zoMphakathi; futhi c sungula izimali ezingodliwe kanye nezinye izimali ezingavunyelwa nguNgqongqoshe ngokuvumelana noNgqongqoshe wezimali.
a uthumele kuNgqongqoshe ulwazi noma imininingwane angayibiza mayelana nemisebenzi kanye nesimo sezimali soMkhandlu; futhi b uthumele kuNgqongqoshe umbiko wonyaka oqukethe nebhalansi shithi, isitatimende semali engenayo nephumayo esiqinisekiswe nguMcubunguli wamabhuku-jikelele kanye neminye imininingwane engafunwa noma ibizwe nguNgqongqoshe.
uNgqongqoshe kufanele athule lombiko okukhulunywa ngawo kusigatshana 2 b ePhalamede zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela osukwini athole ngalo lowo mbiko uma lihleli , uma ngabe iPhalamende lingahleli zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela osukwini elihlale ngalo iPhalamende.
e obangele ukuba uMkhandlu umangalelwe ngenxa yokwehluleka kwakhe ukwenza umsebenzi wakhe ngekhono.
Isikhulu esinguMcwaningimabhuku kufanele sibale inani lalokho kulahlekelwa noma amademeshe, bese sibhalela lowo muntu othintekayo isaziso sokuba akhokhele uMkhandlu yonke noma ingxenye yaleyomali ebaliwe zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela osukwini lwaleso saziso: Iqobo nje ukuthi isikhulu esinguMcwaningimabhuku singeze sakhipha leso saziso ngaphambi kokuba lowo muntu othintekayo enikwe ithuba lokuthumela uvo lwakhe olubhaliwe mayelana nokulahlekelwa lokho noma amademeshe okuthiwa ukwenzile kuMcaningi mabhuku.
Uma ngabe umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 ngenhla ehluleka ukukhokha imali zingakapheli izinsuku ezinqunyiwe...
a ngokuhambisana nesigaba 3 nesigaba 4 leyomali ingabanjwa njalo ngenyanga eholweni lakhe: Iqobo nje ukuthi leyo mali ebanjwayo akufanele ibe ngaphezulu kwengxenye yokune one quarter yomholo wakhe wenyanga; futhi b isikhulu esingumcwaningi mabhuku ngokuhambisana neziga 3 nesigaba 4 singalandela izindlela zomthetho ukuze sithole leyo mali.
Uma ngabe kuthi singakapheli isikhathi esinqunywe esazisweni lowo muntu efaka isicelo sokukhokha imali ngamancozuncozu, umcwaningimabhuku angakuvumela lokhu uma amancozuncozu lawo amukelekile.
Umuntu obizwe ukuba akhokhe imali ngokwesigatshana 1 ngenhla angadlulisa undaba lwakhe ngokubhalilwe zingakapheli izinsuku ezingama-30 aluqondise kuMkhandlu, abeke izizathu ezenza adlulise lolundaba , kanti uMkhandlu wona emva kokuphenya, uma kudingekile, ungachitha lokho kudluliswa kondaba noma unqume ukuthi lowo ofake isicelo akakhululwe ekukhokheni ingxenye noma yonke leyomali ebiziwe.
a thuma noma unikezele ngamandla kusikhalo, isikhulu esiphezulu CEO noma umsebenzi woMkhandlu, noma imaphi amandla anikezwe wona uMkhandlu ngaphansi noma yiloMthetho, ngaphansi kwemibandela uMkhandlu ongayibona ifanele; noma b ugunyaze usihlalo, isikhulu esiphezulu CEO noma imuphi omunye umsebenzi ukuba enze umsebenzi obunikwe uMkhandlu ngaphansi kwaloMthetho noma yiloMthetho.
a ngadlulisa noma imaphi amandla esinikwe wona ngaphansi kwaloMthetho kunoma yimuphi umsebenzi osebenzela uMkhandlu; noma b gunyaza umsebenzi woMkhandlu ukuba enze noma imuphi umsebenzi onikwe sona yiloMthetho noma ngaphansi kwaloMthetho.
Ukudluliswa kwamandla noma ukugunyazwa okukhulunywa ngakho kuzigatshana 1 no 2 akuvimbeli ukusentshenziswa kwalawo mandla uMkhandlu noma Isikhulu esiphezulu.
a Ibhodi labaQondisi benkampani eyayaziwa ngeSikhungo seAfrika eNingizimu Afrika lithathwa njengoMkhandlu wokuqala futhi lelo bhodi liyothathwa njengelikhethwe futhi laqokwa ngaphansi kwesigaba 4 ngenhloso yokwenza konke okudingekayo.
b Yonke impahla, amalungelo, izikweletu kanye nezibopho zalenkampani zidluliselwe kuMkhandlu; futhi c UNobhala weziNkampani kufanele ayesule leNkampani ngokusho koMthetho weziNkampani ka 1973 uMthetho onguNombolo 61 ka 1973.
Uma ngabe iNkampani ebingumnini wempahla enganyakazi edlulele eMkhandlwini ngokwalesisigaba, uNobhala wamaTayitela othintekayo, ngokucelwa uMkhandlu angafaka isigxivizo kulegista efanele, kutayitela noma yimuphi omunye umbhalo abona kudingekile, esikhombisa ukudluliswa kobunini baleyompahla ngokusho kwelesi sigaba.
UMkhandlu ngeke ukhokhe imali yokwedluliswa kobunini, noma imali yezitembu noma nje intela noma inkokhelo ukuze kufezwe okushiwo yilesi sigaba.
b imigono yokuziphatha kwamalunga oMkhandlu kanye nethimba lobakuleki ukuze kuvikelwe ukuphambana kwemibono futhi kuvinjelwe uMkhandlu ukuba ungalulazeki; kanye c nenqubo yokwelula izigwegwe kanye nenqubo yokwethula izikhalo ngabasebenzi.
b noma yiluphi olunye undaba abona kudingekile noma kufuneka ukuba anqume ukuze kufezwe izinhloso zaloMthetho.
uMkhandlu noma uNgqongqoshe, ngemva kokubonisana noNgqongqoshe wezezemali ungenza imithethonkambiso ephathelene nezimali zombuso kanye nokusentshenziswa kwazo.
Noma yimiphi imithethonkambiso eyenziwe ngaphansi kwesigatshana 2 ingasho nomainqume ukuthi noma imuphi umuntu ophula leyo mithethonkambiso noma ohluleka ukuyigcina, uyakubekwa icala kuthi uma etholakala enecala noma elahlwa yicala akhokhiswe inhlawulo noma afakwe ejele isikhathi esingevile ezinyangeni eziyisithupha.
LoMthetho uzakwaziwa ngoMthetho weSikhungo seAfrika eNingizimu Afrika ka 2001, futhi uyakuqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa nguMongameli ngokukhipha isimemezelo ephephabhukwini lukaHulumeni noma iGazethi.
b ukwabiwa kwezimali ngendlela yesayensi nobuchwepheshe kanye nongqaphambili kuzwelonke kuyothuthukiswa.
d uNgqongqoshe uzakwazi ukuhola nokulinganisa imisebenzi yeSikhungo ngokuhlanganyela noMkhandlu we AISA.
I-AISA isikhulile ngokomnqondo futhi seyizisungule njengesizinda esaziwayo socwaningo nolwazi emhlabeni jikelele. Umsebenzi ophambili weSikhungo ngukuqoqa (ngemitapo yezincwadi yaso nosizo lokuqapha), ukuqhubela phambili, ukuchachisa noma ukuhumusha (ngocwaningo) kanye nokusabalalisa (ngemibhalo ekhishwa ngesikhathi esithile, nezinye nje izincwadi , izingqungquthela zokucobelela ngolwazi, izinkomfa kanye nezivo ezivezwa kwabezindaba) ulwazi, okutholakele kanye nokucubungulwa kobuAfrikha ikakhulukazi izindaba zeAfrika eseNingizimu. Ingxenye enkulu yemali iyithola noma iyiphiwa yiPhalamende, lokhu bese kuthayiselwa ngezimali ezenzela yona uma ithole izikotileka sokucwaninga noma ukunika usizo lokwaluleka, izimali zobulunga, iminikelo evela emkhakheni wezimboni (corporate) kanye nemali engena ngokuthengisa izincwadi. Njengoba isekelwe nguHulumeni ikakhulu kanye nezinhlangano ezizimele kuZwelonke yokufundwa izindaba zemiphakatho yaseNingizimu Afrika. Umkhandlu olawula I-AISA njengamanje unabayimele abayisithupha abakhethwe ngamalunga eSikhungo, abathathu bavela kumanyuvesi aseNingizimu Afrika, kanti oyedwa uqokwe ngumgwamanda wezimali, uMnyango wezoBuciko, Amasiko, Isayenzi nobuChwepheshe ("Umnyango").
a iAISA empeleni iyinhlangano yokucwaninga okuqondiswe kakhulu eAfrika. Kodwa-ke njengoba iyinkampani emiswe ngokwesigaba 21 yehlukile kancane kwezinye izinhlelo sesayensi nobuchwepheshe ezibunjwe ngokomthetho. Ngokuletha emndenini wesayensi nobuchwepheshe izikhungo ezilawulwa izikhungo ezahlukile ngokoMthetho ezenganyelwe uMnyango neminye iMinyango, ukubambisana kukhuthaza ukuziphatha nokuqhubela phambili.
b Ngokuletha I-AISA ohlelweni lwesikhungo zesayensi nobuchwepheshe ezixhaswe ngemali ngendlela "yeVoti leSayensi", ukwabiwa kwalezo mali ngokwesayensi nobuchwepheshe nezidingo eziphambili zikazwelonke, okumbandakanya nokuqhudelana ngokubhida kuyokhuthazeka.
c Ngokulawula I-AISA ngoMthetho ohlukile, uNgqongqoshe uyakuba sesimweni esiqinile ukulawula nokuhlola imisebenzi yeSikhungo ngokubambisana noMkhandlu we-AISA.
d Ngokuqokwa kukasihlalo kanye namalunga amaningi oMkhandlu we-AISA, uNgqongqoshe uzoba sesimweni sokuqiniseka ukuthi kuqokwa kwamalunga awaziyo umsebenzi ukuze kukhuthazwe umsebenzi we-AISA kususelwa esisekelweni sokubambisana weNingizimu Afrika nezinye izingxenye zeAfrika.
Isigungu sikaZwelonke seSayensi nobuChwepheshe.
Abaluleki boMbuso NgezoMthetho noMnyango wezoBuciko, Amasiko, Isayensi nobuChwepheshe babona ukuthi loMthethosivivinywa kufanele udingidwe ngokulandela inqubo emiswe esigabeni 75 soMthethosisekelo weRiphublikhi yaseNingizimu Afrika , ka 1996 (uMthetho ongunombolo 108 ka 1996) ngoba awuqukethe imibandela okungalandelwe ngayo inqubo okukhulunywa ngayo esigabeni 74 noma 76 soMthethosisekelo.
